umzukulu Flashcards
igama nesibongo sekhehla
Bhatomu Ngobese
kusho ukuthini ukubhunguka
ukuhamba iminyaka eningi ungabuyi ekhaya
ikhehla labhungukelaphi
eGoli
igama lomzukulu
Sidumo
yini le ikhehla elabe lizicela yona kubazukulu
labe lizicela ukuthi abazukulu bangalibulali ngoba vele selizigugulele
yini le ikhehla elabe lizikhalela nagoya
labe lizikhalela ngemali yayo esebeyithathe yonke abazukulu
ngonjani umuntu obizwa ngesinayi
ongahlakaniphanga/ oyisilima
yini le ikhehla elazama ukuyenza ngesikhathi lishaywa ngabafana
lazama ukuthandaza kodwa lehluleka
Leli khehla ngesikhathi libanjwa inkunzi ngabafana lalisendleleni eyaphi?
Lalisendleleni yokuyosayinisa umzukulu walo amaphepha ukuze
umzukukulu akwazi ukuthola ifa mhlazane lidlula emhlabeni
Ikhehla lathi uma umzukulu engayitholi imali ayokwenziwanjani?
Lathi imali ayonikezwa oSonhlalakahle ukuze bazokwazi ukuyifaka esikhwameni sezintandane. Ezihlukumezekile, ezintulayo kanye ezingenamakhaya
Lo mfana owaqala ukubulala wathi uma ebheka abangani bakhe kwaba sengathi bathini?
Wababona sengathi bathi “Wemukelekile emhlabeni wababulali”
Sithini isimemezelo esaphuma emsakazweni?
Sithi kunomuntu omdala osegulela ukufa esibhedlela kodwa manje ukhala
ngomzukulu wakhe amsayinele isizumbulu semali
Kungani uSidumo ethukile uma ebona iphoyisa esibhedlela?
Wayethuka ngoba wayecabanga ngento eyenzeke izolo ebusuku
USidumo uthi uzokwenzani uma ethola umcebo
Uthi uzoyeka ubugebengu
indawo
esedobheni (eyilokishi). Ngoba impilo ibonakala ishesha, kunabafana Ababamba inkuzi, umama kaSidumo noSidumo basheshe bafika esibhedlela lokhu kusho ukuthi baseduze nezibhedlela
Kwenzekani kuSidumo ekugcineni?
waboshwa
Bathathani ekhehleni uma belibamba inkunzi?
Bathatha imali kanye newashi elalisesihlakaleni sekhehla
indikimba
ubugebengu nenhlupheko- ngoba siyathola ukuthi oSidumo nabangani bakhe baphila ngobugebengu futhi bacishe babulala ikhehla ngoba befuna imali yalo ekugcineni uSidumo uyaboshwa ngezenzo zakhe zobugebengu. ubaba kaSidumo ushonile futhi umama wakhe akasebenzi yingakho uSidumo enza ubugebengu ngoba ekhaya bayahlupheka ufuna imali yokuphila.
isikhathi
isikhathi samanje, lapho khona abantwana abancane bengesananhlonipho kubantu abadala, Babebiza uBhatomu ngesinayi. , impilo esikhathini samnje Igcwele ngobugebengu, baphila impilo esheshayo ngobabenza ubugebengu ukuze bazothola imali masishane.
isimo senhlalo
asisihle ngoba abantu abaphili kahle kunenhlupheko nobugengu kubantu abasha, lokhu kusho ukuthi abasebenzi oSidumo namagani bakhe, ubaba kaSidumo washona, umama wakhe akasebenzi
ngakho-ke uSidumo ubona kungcono ukuthi enze ubugebengu ukuze azothola imali yokuphila. ,uBhatomu wabhunguka washiya umndeni wakhe
uhlupheka,
uSidumo
Umfana ohlala nomama wakhe, uphila ngobugebengu ngoba ethi uzama impilo yokuthi belale bedlile nonina. Uyafisa ukuyeka ubugebengu uma engathola imali eningi
Akahloniphi- ngoba ukhuluma kabi nomama wakhe.
• Ulutheka kalula- ngoba wayenza yonke into abangani bakhe ababethi
akayenze “wamukelekile emhlabeni wababulali”.
• Izicabangela yena yedwa- ngoba wayefuna ukubulala ukuze azothola
imali kodwa wayengacabangi ngalabo bantu ayefuna ukubabulala.
• Uyisigebengu- ngoba ubamba abantu inkunzi.
uBhatomu
ikhehla elabhungukela eGoli manje selidayise izitolo zalo ngoba selikhulile lifuna ukushiyela umzukulu walo imali uma umzukulu engayitholi lithi kumele ithathwe oSonhlalakahle
uyisinayi/uyisilima- utshela abafana ukuthi enenye imali eseokisini.
• Ungumuntu onobuntu -ngoba wayefuna ukushiyela umzukulu wakhe ifa
nokushiyela izintandane, izingane ezihluphekayo, ezingenamakhaya, ezihlukumezekile njll.
Ungumuntu omubi- ngoba wabhunguka washiya umndeni wakhe kanye
nomzukulu wakhe esemncane akangabuya ukuzobabheka.
umama kaSidumo
umfelokazi ohlala nengane yakhe, ongathi ingane yakhe ukuthi iphila ngobugebengu. uyahlupheka. Unenhliziyo enhle- ngoba ufisela uSidumo okuhle empilweni futhi akafuni
ukuthi uSidumo enze ubugebengu.
Lalizokwenzani iphoyisa esibhedlela?
Lalizoba ufakazi womthetho njengoba kwabe kusayinwa izinto eziqondene nemali
Umuntu onjani oyintandane?
Umuntu owashonelwa abazali bakhe
obani abamajazi amhlophe
Odokotela namanesi
ukunqamula intamo
ukubulala
ukudlala kwamadolo
ukuthuka