izimpisi Flashcards
ikhuluma ngani
ikhuluma ngabantu abanomona futhi abazenzisayo
uhlobo lwenkondlo
Le nkondlo iyilirikhi ngoba imbongi iveza imizwa yayo ngalolu hlobo lwabantu ebabiza ngezimpisi. Iphinde ibe yisathaya ngoba imbongi izwakalisa ukugxeka izenzo zalolu hlobo lwabantu.
indikimba
Umona: Ngoba ukuziphatha kwalolu hlobo kubantu kuvamise ukudalwa yinkinga yomona. Imbongi ize isebenzisa amagama athi “Abafuni ukubona omunye umuntu enotho” FUTHI ithi “bayizimfamona”.
umoya wenkondlo
Wokwexwayisa ngoba imbongi yexwayisa isizwe ngalolu hlobo lwabantu abayingozi. Iphinde imbongi iveze umoya wosizi ngezenzo zalolu hlobo lwabantu.
umlayezo
kumele siqaphele abantu esiphila nabo ngoba bangenza sengathi bayasithanda kanti abasithandi futhi banomona ngathi.
umlayezo
Imbongi iyasikhuthaza ukuthi siqaphele abantu esiphila nabo ikakhulukazi labo abenza sengathi bayasithanda kanti abasithandi futhi banomona ngathi.
izimpisi
Uhlobo lwezinja zasendle eziyingozi
Ngabantu abangabazenzisi
zigqoke
zimbathe
Zinonya
Zinezinhliziyo ezimbi
inzondo
Isikhumba semvu
ingaphandle lwemvu.
Ukuba ngumkhohlisi
Ngiqhamuka
Ngivela / Ngiphambi
Ngisithela
Ngifulathela / ngisuka phambi kwazo
Izimfamona
Abantu abangakufiseli okuhle / abanomona ngawe
Elimhlophe ziliveza
Izinyo / ukuhleka kokuzenzisa
Ukwenza sengathi uyahleka kanti ngaphakathi kuwe
awuhleki uyazenzisa nje.
Ukubeka amabala
Ukukhuluma kabi/ ukugxeka
Chaza abantu abafaniswa nezimpisi kusuke kungabantu abanjani?
Ithi imbongi laba bantu abafana nezimpisi bazenza angathi bayakuthanda futhi engathi bayakuhlekisa uma bekubona kodwa uma uke wasithela bayaqala bakuhlebe, bakuhleke bakhulume zonke izinto ezimbi ngawe.
Abantu abafana nezimpisi bakuthanda uma kunjani?
Laba bantu basithanda uma izinto zisihambela kahle kodwa uma
kuke kwasibhedela laba bantu bayaqhela kube sengathi abakwazi.
Chaza kungani (izimpisi izilwane/ abantu) zigqoka isikhumba semvu?
izilwane: abangabakhohlisi. Ungaze ucabange ukuthi izilwane ezinothando kanti ziyingozi enkulu ngoba zivama ukulimaza kumbe ukuhlasela kungazelelwe.
abantu : Umuntu angaze alutheke acabange ukuthi bayamthanda kanti bayazenzisa nokuthi lapho ungazelele bakwenze into embi ngenxa yomona.
Ngokucabanga kwakho kuyingozi ngani ukuphila nabantu abayizimpisi?
Kuyingozi ngoba wena ucabanga ukuthi bayakuthanda kanti cha abakuthandi ungaze ubaxoxele izinto zakho kanti uma ungasekho bayakuhleka noma bakudlela umona.
Ngokucabanga kwakho kuyingozi ngani ukuphila nabantu abayizimpisi?
Kuyingozi ngoba wena ucabanga ukuthi bayakuthanda kanti cha abakuthandi ungaze ubaxoxele izinto zakho kanti uma ungasekho bayakuhleka noma bakudlela umona.
Uma usithela eduze kwalaba bantu abayizimpisi bathini ngawe?
Bakubeka amabala, bakhuluma kabi ngawe.
Yiliphi elinye igama abantu abayizimpisi ababizwe ngalo enkondlweni?
Babizwe ngezimfamona.
Ngokucabanga kwakho kungani laba bantu abayizimpisi bengafuthi ukubona omunye umuntu enotho?
Ngoba banomona ngabanye abantu
Abafuni ukudlulwa bafuna kuhleli kuyibona abanotho.
Yayizizwa kanjani imbongi ngesikhathi ibhala le nkondlo?
Wokwexwayisa ngoba imbongi yexwayisa isizwe ngalolu hlobo lwabantu abayingozi.
Iphinde imbongi iveze umoya wosizi ngezenzo zalolu hlobo
lwabantu.