amaconsi egazi Flashcards
ngubani obhale le incwadi futhi uyibhalele bani
Umuntu obhale incwadi nguSithombe uyibhalele uSithuli.
Bazana kanjani laba balingiswa ababili?
babethandana ngaphambilini kodwa bagcina sebehlukene
Bhala igama legciwane eliphethe lo obhale incwadi
ingculaza
kungani ebhale le ncwadi
uyibhale ngoba ufuna ukutshela uSithuli ukuthi unegciwane lengculaza naye kungenzeka ukuthi unalo , futhi angalithola ithuba lokuphila ngokuthi aye enyangeni uBhodl’mkatsha ezomelapha leligciwane.
isithakazelo sikaCele
ndosi
Sithuli Cele
Uvezwe njengomuntu ongathembekile, onamanga ngoba akakhulumi iqiniso futhi ozicabangela yena yedwa. Lapho ethola incwadi kaSithombe, ukhetha ukufihlela umkakhe. Lokhu ukungathembeki kumuntu oshade naye.
akakwazi ukulinda - akalindanga imiphumela yasesibhedlela . Ukhohlwa kalula ngoba wayesekhohliwe yizinto azenza kuSithombe eselindele usizo kuyena.
uSithombe
Ungumuntu onenhliziyo embi endlela aziphindiselela ngayo kuSithuli ikhombisa ukuthi unenhliziyo embi. Ungumuntu ongaxoli ngoba wayesafuna ukuzwisa uSithuli ubuhlungu. Umuntu ongaziphethe kahle ngoba emva kokuhlukana noSithuli wabe eseba
namadoda amaningi amfakela isifo sengculazi.
igama lenyanga futhi ihlalaphi?
Igama lenyanga nguBhodl’umkantsha wayehlala emzini wakwaMazibuko lapho uBhodlol’umkantsha efikele khona ukuzokwelapha abantu.
Ngemuva kokufunda le ncwadi uSithuli wazizwa enjani futhi kungani?
Ngesikhathi esefunde incwadi yesibili wayengazi ukuthi kumele enzeni kodwa wazama ukuzihudula waya endlini kumkakhe owayevele ngewindi emqhweba/ embiza.
Kungani uSithuli eya emtholampilo?
USithuli waya esibhedlela ngoba wayefuna ukuyohlolelwa ingciwane lengculaza nokubona ukuthi unalo nama akanalo yini.
Kungabe uSithuli unalo ulwazi ngesifo sengculaza
onesi?
Ukuhlambuluka
Ukukhuluma konke okungaphakathi kuwe/ ukukhuluma iqiniso.
Ukulahlisa okwenyongo yenyathi.
Ukushiya umuntu kabuhlungu.
Ukunqaleka emzimbeni
Ukuzwa/ ukugula emzimbeni wonke
Ukuba yisikutu
Ukungakhulumi/ ukuvalela into ngaphakathi kuwe.
Ingwadla
Inkinga enkulu.
isifundo
UNGAMETHEMBI UMUNTU- USithuli kwakumele angamethembi uSithombe kalula kanjalo nje, futhi kwakumele angamethembi noBhodl’umkatsha.
Kuhle ukulinda
isingeniso
sihle, sithola ongumlingiswa osemqoka sithola nenkinga abhekene nayo yokuthi kunencwadi ayitholile evela kuSithombe ayethandana naye kudala le ncwadi imtshela ukuthi uSithombe wamthelela ngesifo sengculaza.
Udweshu lwangaphakathi
Siluthola kuSithuli emva kokufunda incwadi yokuqala evela kuSithombe ucasuke kakhulu futhi uyazibuza uyaziphendula ukuthi uzokwenzenjani? engazi ukuthi amtshele unkosikazi wakhe noma engamtshela ngenkinga.
•Uma esethola incwadi yesibili nakhona wayengazi ukuthi kumele enze njani?
indawo
Le ndatshana yenzeka emzini kaSithuli, Iyasuka iya emzini wakwaMazibuko lapho inyanga uBhodlol’mknantsha efikele khona ukuzokwelapha abantu.
yenzeka emakhaya ngoba uBhodlol’mkantsha wayefikele emzini
wakwaMazibuko eLoskop. futhi abantu abaningi abazi ngesifo sengculazi
isikhathi
Yenzeka esikhathini izinsukwana.
Yenzeka emini.
Isikhathi samanje lapho sekukhona izifo ezifana nengculaza nemiphumela
iphume emva kwamaviki ambalwa.
Kunezibhedlela.
isimo senhlalo
Isimo senhlalo asisihle kule ndatshana njengoba kunentukuthelo enkulu kuSithombe uma ecabanga ngoSithombe noma esecabanga ukuthi ingculaza uzifakele yena yona.
isihloko
Sihle ngoba siyahambisana nendaba sithola ukuthi uSithuli kwakufanele aphuze amaconsi egazi likaSithombe.
isizinda
Asisihle ngoba uBhodlol’mkantsha noSithombe bahlela ukufakela uSithuli ingculazi.USithombe akanaye umuntu omsizayo njengoba egula.USithombe ufuna ukuziphindiselela kuSithuli ngoba engamshadanga.