7. Injabulo Flashcards
Kusho ukuthini injabulo?
Injabulo noma ubomi.
Ikhuluma ngani le nkondlo? (2)
Le nkondlo ikhuluma ngomuntu onovalo lokuthi injabulo le ayizwayo izohlale ikhona njalo yini empilweni yakhe.
Kungani indoda isaba futhi ukhathazekile?
Uzwa enokwesaba novalo lokuthi ngelinye ilanga le njabulo izophela, asale ezwa ubuhlungu.
Ingabe le nkondlo ikhuluma ngabesifazane abakhulelwe?
Abanye bangaqhamuka nomqondo ojulile wale nkondlo bathi yintokazi ekhulelwe le.
Manje isihloko sisho ukuthini?
Ngakho injabulo ingaba mayelana nengane elindelwe/esesiswini– bese beyasekela ngabo bonke olayini.
Akusho lutho-ke ukuthi imayelana nani, okusalayo ________.
yinjabulo
Lithini umoya yenkondlo?
Le nkondlo inomoya wokwesaba (fear) futhi wokunxusa (plead).
Kungani imbongi isaba?
Imbongi isaba ukuthi izothi iyavuka ngelinye ilanga ithole ukuthi injabulo le eyizwa ngaphakathi ayisekho.
Iyancenga/inxusa yiphi imigqa imbongi?
Imbongi inxusa/icela injabulo ukuba ingahambi
ulayini 22, 42,43, 44
Kukuyiphi imigqa lapho eshiya khona indawo yokudumala?
Iphindi futhi imbongi inxuse/icele ukuba injabulo iyivumele ijabule, ithi ijabula kodwa ibe ishiya isikhala sokuphoxeka (ulayini 35-41)
Imuphi umugqa lapho kukhona ihaba, chaza? (2)
Imigqa 2 no 3, ngoba imbongi ithi izwa inokwesaba okukhulu. Uma isukuma kuduma isisu. (kuduma izimpophoma= sound of waterfalls).
Isiphi isisho isifenqo emgqeni wesi-5 nowesi-6, chaza? (2)
Ihaba, ngoba imbongi ithi uma izama ukulala/ukuthatha isihlwathi ivele izwe uvalo lushaya ngamandla. (Lushaya ngmandla= nervousness)
Yisiphi isifenqo esisemgqeni wesi-8 nowe-9?
isisho ngoba Imbongi ithi ngendlela ehleka ngayo kuba sengathi kukhona nabanye abantu kuyaxoxwa, kuyahlekwa kanti iyodwa nje.
Kusho ukuthini “ukuqhuma amahlaya”?
cracking jokes
Imuphi umugqa isifaniso, chaza?
Umugqa 15, ngoba Imbongi ithi isifana nendoni yamanzi ngendlela eyiyinhle futhi eshelela ngayo. (indoni yamanzi= water berry fruit)