Hlwanyela Uyovuna - Novel Flashcards
Hlwanyela Uyovuna
Uyovuna Okutshalile. You will reep what you sow.
UMbhele
Wayenguthishanhloko. Wake waba yiphoyisa.
Ngumuntu onjani uMbhele?
Ngubaba onesandla esiqinile emndenini wakhe. Unolaka futhi uyazishaya izingane zakhe. Ungumuntu onguzwi lakhe.
Unkosikazi kaMbhele?
UMaNgcobo.
Chaza uMaNgcobo.
Ngumuntu othanda izingane zakhe. Unozwelo futhi uyamulalela umyeni wakhe.
Obani amagama ezingane zabo?
UNtombi, uZinhle, uVusi, uSiphiwe, uNkosi kanye noThemba.
Usebenza kuphi uMaNgcobo?
Unguthisha khona endaweni abahlala kuyo.
Ubani igama lesoka likaNtombi?
uZakhele Ndelu
Bunjani ubudlelwane phakathi kukaNdelu noMbhele?
Bayinkukhu nempeka (izitha)
Yini eyenziwa nguNtombi ekhaya eyaphatha kabi abazali bakhe?
Weqa ekhaya kanti ukhulelwe.
Wayesehlala kuphi uNtombi?
Wayesehlala kubo kaZakhele Ndelu.
Ubani owalanda uNtombi kubo kaZakhele?
Walandwa ngubaba wakhe, uMbhele.
Izingane zikaMbhele zazimsabisa okwenyoka ubaba wazo. Yini ukusabisa okwenyoka?
Ukusaba umuntu kakhulu.
Chaza lezi zimo zokukhuluma:
- Ilanga lingawa licoshwe zinkukhu.
- Ukukluluza Ngeso lengulube.
- Ukwethembisa izulu nomhlaba.
- Kuyoqhuma nhlamvana ezinye ziyofekela.
- Ukuphika ulale ngomhlane.
- Ngeke kwenzeke loko.
- Ukubuka umuntu kabi.
- Ukwethembisa zonke izinto ezinhle kodwa kube nzima ukuzifeza.
- Kuyovela imiphumela emibi.
- Ukuphika into obuzwa yona.
Baxatshaniswa yini uMbhele noNdelu?
Okokuqala babebanga uMaNgcobo. Okwesibili UMbhele waba nomona ukuthi abahloli abaluthathanga uvo lwakhe mayelana nokulungiswa kwezikole zabo nokufakelwa amanzi kodwa kwathathwa olukaNdelu.
UMbhele indoda enodlame futhi engahloniphi amalungelo abantu besifazane.
Akamlaleli unkosikazi wakhe. Ushaya uNtombi yize ekhulelwe. Kwakhe kulalelwa yena kuphela hhayi unkosikazi wakhe. Uhlukumeza umkakhe aze amshaye.
Ubani owahlela ukuba uNtombi ashayiswe ngemoto?
NguNdelu.
Wahamba kanjani uNtombi ekhaya?
UNtombi noZakhele bavumelana ngokweqa ekhaya. Babezoyoqala impilo etsha bakhe owabo umndeni. Bahamba ngehora lesihlanu ekuseni. bahamba ngemoto ebomvu uZakhele ayibolekwa ngumngane wakhe.
Yayikuyiphi indawo ingozi yemoto eyabulala uNtombi noZakhele.
Yenzeka endaweni yasemajikeni aseNdundulu, eMelmoth ingozi.
Baphuthuma esibhedlela esikuphi abazali baNtombi?
Isibhedlela esasiseShowe.